| 082 452 4488 | All Appliances LPGSSA approved |
Quotation Total - R0.00

Iyiphi I-gas okumele ngiyithenge?

IYIPHI I-GAS OKUMELE NGIYITHENGE?

Kunezinhlobo ezimbili zeziphethu zamanzi ashisayo ezisebenza eNingizimu Afrikha. Kukhona isiphethu samanzi ashisayo esijwayelekile, kuphinde kube khona isiphethu samanzi ashisayo ezisezingeni eliphezul.

IZIPHETHU ZAMANZI ASHISAYO EZIJWAYELEKILE EZISEBENZA NGE-GAS

Ezinhlotsheni zeziphethu amanzi ashisayo ezijwayelekile ezikhona ezimakethe zase Ningizimu Afrika kubalwa, i-Atlas, -Kexin ne-Bosch. Izinhlobo ze Atlas kanye ne-Kexin kukhiqizwa e-China, kanti inhlobo ye Bosch ikhiqizwa e-Portugal.

Ubuhle bokusebenzisa iziphethu zamanzi ashisayo ezijwayelekile:

  • Amanani aphansi
  • Zisebenza ngebhethri
  • Kulula ukuzisebenzisa futhi kulula ukuzigcina. Lezi ziphethu zamanzi ashisayo zisebenza ngamazinga okushisa asehlobo nawasebusika, kanti futhi uyakwazi ukuzikalela ukuthi zingenisa amanzi angakanani.
  • Iziphethu zamanzi ezijwayelekile zifika nesiqiniseko sokusebenza ngaphandle kwezinkinga isikhathi esingango nyaka owodwa, uma izofakwa ngumpetha oneziqu zokwenza lomsebenzi. (Bheka imiyalelo kwikhasi lethu lama-‘Installations’ ukuze uthole usizo ekutholeni umuntu oneziqu zokufaka iziphethu zamanzi ashisayo endaweni ohlala kuyo.)

Ububi bokusebenzisa iziphethu zamanzi ashisayo ezijwayelekile

  • Azikwazi ukuhambisa amanzi ashisayo anele empompini emibili noma ngaphezulu evulwe ngesikhathi esisodwa. Emizini enabantu abathathu nangaphezulu kudingeka isiphethu samanzi ashisayo esisodwa esingango 10 litha/12 litha endlini yokugezela ngayinye.
  • Isiphethu samanzi ashisayo esijwayelekile siyashesha ukuzwela uma amanzi engena kuso ngamandla. Lenkinga iba khona uma kuwukuthi amanzi aphuma kwisphethu, lokhu kungalungiseka uma kungafakwa ingcindezi futha.
  • Isiphethu samanzi ashisayo esijwayelekile sidinga ukuvikelwa emoyeni enamandla kanye nezimvula ezinkulu.

Imiyalelo yokukhetha usayizi wesphethu samanzi ashisayo asezingeni eliphansi

  • Amalitha ayisithupha (6l) – Ilungele ukusebenza kusinki wase khishini noma kubheseni kuphela.
  • Amalitha ayishiyagalombili (8l) – Ilungele ukusebenza kusinki wasekhishini nakumshini wokuwasha. Ingasebenza nasendlini yokugezela engavamile ukusetshenziswa.
  • Amalitha ayishumi (10l) – Ilungele isisefo sokugeza
  • Amalitha ayishumi nambili (12l) – Ilungele ubhavu wokugeza
  • Amalitha ayishumi nesthupha (16l) namalitha amashumi amabili (20l) – Ilungele indlu yokugezela ensisefo sokugeza kanye nobhavu wokugeza (iyakwazi ukukhipha amanzi ashisayo empompini emibili ngesikhathi esisodwa).

Ukusebenzisaa i-gas

Osayizi abakhulu beziphethu zamanzi ashisayoajywayelekile, basebenzisa i-gas eningi kunalawa amancane. Imvamisa, ekhishini umpompi wamanzi ashisayo usebenza okdlula yonke eminye endlini. Ngenxa yalokhu, konga imali kanye ne-gas ukufaka isphethu samanzi ashisayo esingama litha ayisithupha (6l), nesi ngama litha ayisishiyagalombili (8l) ngokuhlukana ekhishini.

Iziphethu Zamanzi Ashisayo Ezisezingeni Eliphezulu Ezisebenza Nge-Gas

Izinhlobo zeziphethu zamanzi ashisayo ezisezingeni eliphezulu ezisebenza nge-gas ezikhona eNingizimu Afrika yi-Paloma ne Rinnai.Imikhiqizo ye Paloma ne Rinnai isineminyaka eyamashumi amahlanu yakhiwa, kanti yombili yakhiwa ezweni lase Japan.

Ubuhle beziphethu zamanzi ashisayo ezisezingeni eliphezulu.

  • Izipethu zamanzi ashisayo ezisezingeni eliphezulu zisebenzisa i-gas encane.
  • Uyakwazi ukuzikalela amazinga okushisisa amanzi ngokwakho kuyo.
  • Izipethu zamanzi ashisayo ezisezingeni eliphezulu ziyakwazi ukusebenza ngengcindezi yamanzi ephansi engango-1.5 bar.
  • Iyakwazi ukusebenza nge othomathiki ukuze ikale ingcindezi yamanzi angenayo.
  • Uhlelo lweziphethu zamanzi ashisayo ezisezingeni eliphezulu lusebenza ngokuqinisekisa ukuthi kunengcindezi yamanzi kanye nokushisa kwamanzi okwanele, ukuze impompi eyisithupha (6) izokwazi ukusebenzisa amanzi ngesikhathi esisodwa.
  • Uma isiphethu samanzi ashisayo esisezingeni eliphezulu sigxunyekwe ngaphandle kwendlu, asidingi ukuvikelwa ezimvuleni nasemoyeni onamandla.
  • Inesiqiniseko sokusebenza ngaphandle kwezinkinga iminyaka eyishumi (10) uma izofakwa ngumpetha oneziqu zokwenza lomsebenzi. (Bheka imiyalelo kwikhasi lethu lama-‘Installations’ ukuze uthole usizo ekutholeni umuntu oneziqu zokuxhuma iziphethu zamanzi ashisayo endaweni ohlala kuyo.)

Qhaphela: Isiqiniseko seminyaka eyishumi siphinde siqinsekise ukuthi uthole isigcina kushisa (heat exchanger). Kuphinde kube nesiqiniseko seminyaka emithathu (3) kuwo wonke amapayipi angaphakathi, kanye nesonyaka owodwa ezintweni ezisebenza ngogesi.

Ububi beziphethu zamanzi ashisayo ezisezingeni eliphezulu

  • Iziphethu zamanzi ashisayo ezisezingeni eliphezulu zibiza imali ephindwe kabili kathathu kuneziphethu ezijwayelekile.
  • Iziphethulu zamanzi ashisayo ezisezingeni eliphezulu zidinga ugesi ukuze ukwazi ukusebenzisa imiqhafazo elawulwa ngogesi. Uma ugesi ungekho, ungasebenzisa iplaki ye-USB ngalesiskhathi.
  • Iziphethulu zamanzi ashisayo ezisezingeni eliphezulu ziyakwazi ukusebenza nge-generator, kodwa zidinga ukuvikelwa emandleni e-generator ukuze kungeke kungaholeli ektheni kube nomonakalo ozogcina ubanga ukuthi izingxenye ezisebenza ngogesi zigcine zingasasebenzi kahle.

ISAZISO ESIBALULEKILE

Isiqiniseko emshinini esebenza nge-gas sisebenza uma uqikilela ektheni ifakwa umuntu onezincwadi ezimugunyaza ukuba enze lowo msebenzi. Yonke imshini ifakwa ngokulandela imiyalelo ephuma kubakhiqizi bayo. Bheka imiyalelo kwikhasi lethu lama-‘Installations’ ukuze uthole usizo ekutholeni umuntu oneziqu zokuxhuma iziphethu zamanzi ashisayo endaweni ohlala kuyo.

                                                   www.giveitgas.co.za

SIYINKAMPANI EDAYISA IMSHINI ESEBENZA NGE-GAS, ASINASO ISTOLO KEPHA ISTOLO SETHU SITHOLAKALA KWI-WEBHUSAYITHI YETHU.

Izindlela zokukhokha;

  • Imali kufanele ikhokhwe nge-EFT noma ngediphozi kwi-akhawnti yethu yase bhange.
  • Akuvumelekile ukuthi ukhokhe uma impahla isilethiwe kuwe. Sisebenzisa enye inkampani esebenza ukuhambisa izimpahla kubathengi, ngakho-ke ayikwazi ukuthatha imali ngaphandle kwemvumo yethu.
  • Impahla ngeke ilethwe uma imali ekhokhiwe ingakaveli kwi-akhawunti yethu ebhange
  • Okwamanje asiphumeleli ukumukela imali ekhokhwa kwi-webhusayithi yethu, kodwa uyakwazi ukufaka imyalelo yempahla oyifunayo (uku-order). Thina sibe seskuthinta kamuva sikunike inyovisi.

Ukulethwa Kwempahla

  • Ukulethwa kwempahla sikwenza ngenkampani esisebenza nayo.
  • Imali ebizwa inkampani ehambisa impahla iya ngesisindo kanye nobukhulu bempahla oyithengile. Asinalo igunya lokuxoxisana ngemali abayibizayo.
  • Abantu abalethe impahla badinga ukuba usayinde amaphepha azoba ubufakazi bokuthi impahla uyitholile. Kubalukile ukuthi uyibhekisise impahla yakho uma ifika ukuthi ayonakele ngaphambi kokuba uyimukele, ngoba uma usayinda kukhomba ukuthi unelisekile isimo esilethwe sikuyo.
  • Uma uhlala e-Gauteng impahla yakho ivamise ukufika ngosuku olulandelayo uma kuyiphakathi nezinsuku, futhi uma imali oyikhokhile isivela kwi akhawunti yethu. Ezindaweni ezingaphandle kwase-Gauteng ukulethwa kwempahla kuthatha izinsukuu ezimili kuya kwezintathu.
  • Impahla ayilethwa ngempelasonto noma ngezinsuku ezingamaholidi.

 

Mobile version: Enabled